Creation Science Information & Links!
Le message Chrétien de l'évangile
The Christian Gospel Message · in Zulu

   "njengokuba kulotshiwe ukuthi: 'Akakho olungileyo, akakho noyedwa.' "   Kwaba Seroma 3:10

   "Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu."   Kwaba Seroma 3:23

   "Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu."   Kwaba Seroma 6:23

   "Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela."   Kwaba Seroma 5:8

   "Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade."   NgokukaJohane 3:16

   "Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi."   I KaJohane 1:9

   "Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa;   ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa."   Kwaba Seroma 10:9-10

   "Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe."   NgokukaJohane 1:12

   " UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami."   NgokukaJohane 14:6

   "Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa."   NgokukaJohane 5:21

   "Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;   akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo."   Kwaba SeEfesu 2:8-9

   "Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo.  ... Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,   nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo"   I Kwaba SeKorinte 15:1,3-4

   "Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu."   EkaJakobe 5:16

   " Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.   Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando."   I KaJohane 4:7-8

   " Ngakho, bathandekayo, njengokuba nazi lokhu ngaphambili, xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, niwe ekuqineni kwenu,   kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade."   II KaPetru 3:17-18


The Christian Gospel Message · in Zulu
http://www.creationism.org/zulu/salvation_zu.htm



Main:  Zulu
www.creationism.org