Creation Science Information & Links!
The 2 Commandments

   "UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’   Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala.   Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’   Kuleyo miyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi.”"   NgkukaMathewu 22:37-40
 


   "UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?   Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?"   Umika 6:7-8
 

   "Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.   Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni;   ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani.   Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.   Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.   Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe."   EkaJakobe 1:22-27
 

   "Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.   Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi."   Umshumayeli 12:13-14


The 2 Commandments · in isiZulu
http://www.creationism.org/zulu/salv2Cmd_zu.htm



Main:  Zulu
www.creationism.org